Amafenala
Appearance
Amafenala (noma ifunala ebunyeni) igama lesiZulu lefu eliminyene, eliphakeme eliqondile, [1] elivame ukwakheka ngomhwamuko wamanzi ojiyeka enjikambulunga esezansi eyakheka ibheke phezulu ithwalwa umoya onamandla. Ngenhka kwezingxenye ezingezansi zefunala umhwamuko wamanzi uphenduka imincwebe yeqhwa, njengomkhithiko nongqonqwane, ezinokwenanana okungaholela esiqothweni nasekwakhekeni umbani, ngokulandelana.