(Go: >> BACK << -|- >> HOME <<)

Jump to content

IsiZulu

Mayelana Wikipedia
Isifundazwe saKwaZulu-Natal eNingizimu Afrika lapho isiZulu sikhulunywa kakhulu khona

IsiZulu singulimi lwamaZulu. Ngulimi lwesiNguni. Sikhulunywa eNingizimu Afrika ngabantu abangama-10 677 305 (ukubala kwesizwe kuka-2001) futhi siqondwa ngabantu abangama-25 000 000. Ezisemthethweni imibhalo nemiqulu yakwaHulumeni. Bese kuthi uphiko lobuchwepheshe bamagama lona lwelekelela ngokusombulula.

Lolu limi lusukela noma lwaqanjwa ngowayeyiSilo samabandla onke iNkosi uShaka Zulu. Lokhu kungenxa yegalelo noma iqhaza alibamba ekubumbeni isizwe esasihlukene phambilini. Ezinye zezilimi ezisukela olimini lwesiZulu singabala IsiXhosa, Isindebele kanye nesiSwati. Lezi zilimi zonke isiSwati, isiZulu, isiNdebele nesiXhosa, ziyizilimi zesiNguni. Isifunda sakwaBulawayo esise Zimbabwe naso singesinye sezifunda ezisebenzisa lolu limi lwesiZulu.

Lokhu kungenxa yokuba owayeyiNkosi yesizwe sakwaBulawayo uMzilikazi kaMashobane wafudukela khona ngesikhathi iNkosi uShaka Zulu namabutho akhe ehlasela ezinye izizwe ngenhloso yokuzifaka ngaphansi koMbuso WamaZulu (The Zulu Kingdom). IsiZulu siyakhulunywa kakhulu nakwezinye izifundazwe ezinjengeMpumalanga neGauteng. Lokhu kubonakala ngisho nasemsakazweni wesiZulu uKhozi fm, ngoba lomsakazo nawo usendaweni yesibili ngemva kwesiNgisi.

Isifunda saKwaZulu-Natal yisona esaziwa ngokuba nenani eliningi labantu baseNingizimu Afrika noma e-Azaniya (Azania) abasebenzisa lolu limi lwesiZulu. Zikhona nezincwadi ezishicilelwe kusetshenziswa lolu limi esingabala kuzo IBhayibheli (The Holy Bible), Imiqulu Yamalungelo (Bill of Rights) kanye nencadi yoMthetho Sisekelo (Constitution).

IsiZulu siwulimi lokuqala ezilimini ezisetshenziswa kakhulu eNingizimu Afrika ngokophenyo ngokusetshenziswa kwezilimi eNingizimu Afrika langonyaka wezi-2009.